Ngelikabani lel'elihle kanje?
Elingenazo ngisho nezokubika izibi
Ngisho leli elikhazimulisa kwedayimane
Umnikazi walo ngabe ukuphi?
Uphi umnikazi waleli bala elihle kangaka?
Ibala okungadlalelwa kulo ibhola
Ibala elingahlalwa zintuli
Ibala elinakekelwa zikhathi zonke.
Ungethande kanjani ukwakh'ebalen'elinje
Ibala okungenzelwa kulo amaparty?
Ngisho nezingane zikhula zifundiswe ngalo leli bala
Zaz'ukuthi ibala linakekelwa kanjani.
Naw'ungalinakekel'elakho
Ze lingahlalwa kungcola bese lingabe lisahlanzeka.
Kukuw'ukuziphatha nokuzinakekela ngoba..
Uyobe sewuwedwa lapho elakho ibala
Selibuswa ngo Gonorreah, oHerpes no Cauliflower
Sebezenzel'umathanda.
Ibala lakho sekungelenu.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
No comments:
Post a Comment