Kungani?, Kungani? Kwenzenjani?
Mhlaba esiphila kuwo usujikile
Inhloniph'uthando nozwelo, kushabalele
Unembez'uphelil'ebantwini.
Bheka-nje, obaba bethu uma besibuka babona izintombi,
Omalume nabo bazibonela izintombi.
Kaze nembeza wayaphi? Buya phela, buya manje!!
Namuhla sife siphila,Wo hhe! Imali yimpande yesono.
Umzal'udayisa ngengane yakhe kumuntu,
Ayenze yonk'int'ayithandayo
Angan'ubab'uzohola nje!!!
Buya Phunga, buya Mageba, sekonakele kwelakho.
Umama uhambile, uyofun'isinkwa sabantwana,
Ubaba usala no "NKOSIKAZI-NDODAKAZI" yakhe,
Ithi ingakhala ingane, ithenjiswe ukufa.
Namuhla le ngane iphenduke umama kamfowabo
Iphenduke umnakwaboka mama wayo oyizalayo.
Kaze nembeza wayaphi?
Omama la ngaphandle, bakhohlakele
Abanal'uthando lwezingane zabo.
Isoka lika mama thizeni
Linukubeza indodakazi yalo mama,
Ikhale ingane ithi
"Mama isoka lakho liyanginukubeza"
Wo hhe! Kubuhlungu ukuba yintombazane,
Umama uvele waphendula wathi,
"Mntanami, ungambophi, sidla ngaye lo muntu"
Kungenani uma labo plastic bengezungena
Uma kungukuthi bazongena ngengane na?
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
Kanti vele, kuyoze kube nini? Manyala mani nje ukuthi my father can take my virginity, angiyiphathi-ke eyokungikhulelisa.
ReplyDelete