Ngizobhala inkondlo ngenxa yesimo engikuso,
ngibhale inkondlo ngenxa yezinto ezenzekayo,
engizibonayo nengizizwayo.
Isisusa saleyo nkondlo nguwe, nguwe ngokusemthethweni.
Wena skhohlakali, wena sela lenhliziyo yam.
Sengibabonile bonke, kodwa ongathatha eyakho indawo
kweyami inhliziyo, cha, angimbonanga,
Uma ngithuli ngicabanga ngawe, kuvele kwehle
Impophoma kobami ubuso. Kugeleza izinyembezi njeee
Akusonyembezi kepha izinyembezi zothando,
Izinyembezi zenjabulo, lenjabulo engaka mntanomuntu
Eyakuba khona kwakho kulo mhlaba, eyakwazana nawe,
Eyokuba seduze kwakho, injabulo yokunethezeka
Nokuthol'uthando othandweni engikulo.
Wena uyisipho sami
Kuzo zonke izipho ezikhona, wena uyizo zonke kimi
Uma nginawe angidinge lutho
Phela wena uyikho konke kimi.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
This comment has been removed by the author.
ReplyDeleteiyahlabusa ngempela inkondlo yakho dadewethu...qhubeka ngomsebenzi omhle wethu!!!!
ReplyDelete