Friday, July 23, 2010

LA NGYAFUNGA

Obeth'ubudlelwano ma bube ngobeqiniso
Ngyathembisa sobe ngaqhelelana nawe
Soze ngphinde nghalel'omuny'ozoth'uyangthanda ngaphandle kwakho
Ngyafunga ifile yam yeznkondl'iyosala neskhala
Phela la kuwe angdidekanga
Ngakh'inkondl'ethi "Bengsadidekile" kzomele ngiydaysel'abanye
Ngoba wen'ungenza ngingaphinde ngfis'ukuyihaya.

Ebukhoneni bakho ngfis'ukuba umpheme
Ze wen'ukhosele kuwo nsuku zonke
Ngifis'ukuba yilanga ze ngihlale ngikhanyis'indlela yakho
Senz'izfungo nezthembis'esizthandayo
Osecelen'azathi "Cha, sebeseng'ezimithiyo-ke laba"
Kodwa-ke ngob'unumber 3 akanakwa
Syovele simgaxe ku voice mail
Ngob'ezeth'izfungo zobe zashabalala.
Chorus
Ukuktshel'ukuthi ngyakthanda
Kzob'ichorus yam yansuku zonke, zikhathi zonke
Ukukwazis'ukuth'eyam'impil'uzoybusa ngyakthembisa
Ukukhlonipha kzob'intesegazini la kimi
Ngob'uthando lwabant'ababili uma behloniphana
Kuhlala kuba mnandi kanjena
Lezi yizifungo zami ngawe ezingenakubuna.

Aziyukubuna nje, phela wen'ubu ngokhethekil'eningini
Awufananga nalab'abatchamanay'ukuze ba gain somthing
Obakh'ubdod'obukqhwakelise kweso sihlalo
Ubuntu, ubuqhawe bakho buyohlezi bukhumbuleka la kimi
Obuth'ubdlelwano sobe baphela
Sobe kwathiwa "BABE..." kodwa kuyohlezi kuthiwa "BAYA.." thandana.

Back 2 Chorus

Langa limbe phambi komfundisi nebandla lonke
Ngyovuma ngithi wen'ungowami
Ezinsizin'ezinhluphekeni wen'ungowami
Ekujabulen'entokozweni, ngyofunga ngvume ngithi
Yebo lon'ungowami.

Back 2 Chorus





No comments:

Post a Comment