Tuesday, June 8, 2010

BENG"SADIDEKILE

Amahl'abevalekile ngingaboni lutho ngingazi naminyaka
Bengsadidekile, bengiphambukile,
Ngazenz'impunputh'emini kabha
Baxakek'abantu bathi kaze kwenzenjani?
Phela bengithi lo nguy'ozobusa le nhliziyo
Ngoba nguy'obehlezi kule yam'inhliziyo
Bengith'ifind'esiyolibopha naye Sobe laqaqwa muntu.
Amehl'abevalekile ngingaboni lutho ngingazi naminyaka
Bengisadidekile, bengiphambukile.

Bhut'uyosiz'uxol'uma lokhu kungahlali kahle kuwe
Kodwa, ngibon'ukuthi kumel'ukwazi ngoba sekwenzekile,
Iqiniso, Bengiphambukile
Phela wen'ungitchamile ngaheheka ngab'uthathekile
Ngavumela phezulu ngathi "Bhut'asithandane"
Ekuben'uthando lungekho
Ngithe noma ngithi ngyazam'ukulwakha, kepha ngehluluka
Amehl'abevalekile ngingaboni lutho ngingazi naminyaka
Beng'sadidekile, Bengiphambukile

Uma ngabe lokhu kuyisono phambi kobuso bakho,
Uma ngabe lokhu kudung'umoya wakho,
Uma ngabe lokhu kuhlukumez'umoya wakho
Siz'ungixolele, ngoba, ngempela kumele ngiphumile kulobu budlelwano
Yebo ngyavum'uthand'unginikile
Inhloniph'uyitshengisile
Uzwel'ubile nalo.
Kodwa, olwakh'uthando alukaze laba khona lapha kimi,
Naw'ungangifakazela.
Kwasekuqaleni wawuthe 'Asizame' ngob'uthando lungekho
Savumelana ngokuzama, keph'ukuzama kwami akuphumelelanga, kushabalele Iqiniso,amehl'abevalekile ngingaboni lutho ngingazi naminyaka
Bengsadidekile, bengiphamukile.

No comments:

Post a Comment