Thursday, May 13, 2010

IIKHAYA LAM

Zinyawo zam ngibelethe
Yind indlel imil ifanelw ukuhanjwa
Ukuba kule ndawo, akunasizathu, akunampumelelo,
Ikusasa lakhona liyinganekwane.

Zinyawo zam ngithwale,
Kwelam ikhaya kukhala ibhungane,
Yim oyofika nesikhiye sakhona,
Ngivule maqede nginethezeke,
Kwelami ikhaya.

Ngihlalile, esiid isikhathi
Kuwe xhokovana lam,
Ngiwa ngivuka ngakha elami ikhaya.
Pho-ke, akulahlwa mbeleko ngakufelwa.

Namuhla ngikweliny izinga.
Amehl ayagezeka,
Ubuhle nenjabulo baleli khaya
Yibo kanye obuligugu, yibo obuphilisayo.

Sizwe sakithi
Masiphileni sonke ngaleli khaya
Phela liyisinkwa sokuphila,
Liyikho konk umuntu angakudinga.

Ngithatha leli khaya lam
Ngi lipha igama, igama lalo,
Impumelelo,
Impumelelo yam, yiyo eyikhaya lam.

No comments:

Post a Comment