Phambi kwakho ngyaguqa ngyacela
ngicel'ukuba ungisize ungenzel'ufefe
Ngize kuwe ngoba wena ngikwethembile
Ngoba wena sobe wangilahla
Ngizamile, kepha ngiyehluleka
Nguw'ozongisiza kule nking'engibhekene nayo.
Siz'ungisusele lento, ohh, lo munt 'oseduze kwakho
Ngizamile, ngehluleka, nhliziyo yam, ngisize
Lo uyangiphazamiza, uyisiphazamiso kim
Izwi lakhe linkeneneza njalo kulezi zindlebe
Ngizwa ethi "Kanti kuyoze kube nini?"
Ngizwe ethi "Sengingaze ngilothe?"
Ngimuzwe ethi "Kanti mina ngiyoyibusa nini le nhliziyo?"
Kanti ngekabani le nhliziyo na?
Usungaze uyicwiye?
Usungaze uzabele ngayo! Akusilo ifa lelo!!
Nhliziyo yam, ngiqhelelisele lowo munt'okuwe
Lowo akafanele ukuhlala lapho.
Sobe kwabusa yena lapho!!
Sobe kwaba ikhaya lakhe lelo.
Kanti umnikazi walapho yena uyakuhlala kuphi?
Uyakubusa kuphi? Ngoba wena Sqhwaga usuhlezi!!
Kanti yena uyakuyitholaph'eny'inhliziyo yam?
Wen'usuzabele ngayo nje!!!
Nhliziyo ngisize, msuse, lowo aka belong lapho.
Nang'umnikazi walapho.
Sobe waphazamiseka kuleyo ndawo.
Thursday, April 15, 2010
IBALA.
Ngelikabani lel'elihle kanje?
Elingenazo ngisho nezokubika izibi
Ngisho leli elikhazimulisa kwedayimane
Umnikazi walo ngabe ukuphi?
Uphi umnikazi waleli bala elihle kangaka?
Ibala okungadlalelwa kulo ibhola
Ibala elingahlalwa zintuli
Ibala elinakekelwa zikhathi zonke.
Ungethande kanjani ukwakh'ebalen'elinje
Ibala okungenzelwa kulo amaparty?
Ngisho nezingane zikhula zifundiswe ngalo leli bala
Zaz'ukuthi ibala linakekelwa kanjani.
Naw'ungalinakekel'elakho
Ze lingahlalwa kungcola bese lingabe lisahlanzeka.
Kukuw'ukuziphatha nokuzinakekela ngoba..
Uyobe sewuwedwa lapho elakho ibala
Selibuswa ngo Gonorreah, oHerpes no Cauliflower
Sebezenzel'umathanda.
Ibala lakho sekungelenu.
Elingenazo ngisho nezokubika izibi
Ngisho leli elikhazimulisa kwedayimane
Umnikazi walo ngabe ukuphi?
Uphi umnikazi waleli bala elihle kangaka?
Ibala okungadlalelwa kulo ibhola
Ibala elingahlalwa zintuli
Ibala elinakekelwa zikhathi zonke.
Ungethande kanjani ukwakh'ebalen'elinje
Ibala okungenzelwa kulo amaparty?
Ngisho nezingane zikhula zifundiswe ngalo leli bala
Zaz'ukuthi ibala linakekelwa kanjani.
Naw'ungalinakekel'elakho
Ze lingahlalwa kungcola bese lingabe lisahlanzeka.
Kukuw'ukuziphatha nokuzinakekela ngoba..
Uyobe sewuwedwa lapho elakho ibala
Selibuswa ngo Gonorreah, oHerpes no Cauliflower
Sebezenzel'umathanda.
Ibala lakho sekungelenu.
Subscribe to:
Posts (Atom)