Wednesday, December 2, 2009
ikhaya lam
zinyawo zam ngibelethe yind indlel imile ifanelwe ukuhanjwa. ukuba kule ndawo akunampumelelo, akunasizathu. zinyawo zam ngithwale kwelami ikhaya kukhala ibhungane yimi oyofika nesikhiye sakhona ngifike ngivule maqede nginethezeke kwelami ikhaya. ngihlalile esid isikhathi kuwe xhokovana lam, ngiwa ngivuka ngakha elami khaya, pho-ke akulahlwa mbeleko ngakufelwa, namuhla ngikwelinye izinga, amehl ayagezeka ubuhle baleli khaya yibo obungijabulisayo. sizwe sakithi masiphileni sonke ngaleli khaya, phela liyisinkwa sokuphila kumuntu liyikho konke ongakucabanga. ngithatha leli khaya lam ngilipha igama, igama lalo yimpumelelo, impumelelo yam yiyo eyikhaya lam.
Subscribe to:
Post Comments (Atom)
No comments:
Post a Comment