Wednesday, December 2, 2009
Mzali wam
isimangaliso sothando ingqophamlando yothando, uthand olungapheli uthando lwaphakade. olungenza ngizizwe ngiphilile lungenze ngizizwe ngamkelekile lungenze ngibonge konk enginako, uthando lukamzali luyamangalisa. ngibong uthando lukamzali ngengiyikho uthando lokthandwa ngumzali luyababazeka, luyamangalisa, luyikho konke, ngibonga wena mzal onenhlonipho nothando kubantwana. thatha naz izibongo zingezakho, zingekudlule ngendlela, ziyakuthathwa ngubani nxa zidedelwe nguwe na? kanti ngezikabani? ngezika mzali onakekelayo. bomama nani bo baba uthando lwenu lunguthando olungefaniswe nalutho olungelinganiswe nalutho, ufanelwe ukubongwa ufanelwe inhlonipho, ubuhle bezenzo zakho yibo obungenza ngiziqhenye, nginyathele ezinyathelweni zakho, ngentokozo. ubuwena bonke mzali wam, buyangijabulisa, manginyathele kwezakho izinyathelo, yima njalo mzali, tshal uthando nenhloniphn kubantwana.
ikhaya lam
zinyawo zam ngibelethe yind indlel imile ifanelwe ukuhanjwa. ukuba kule ndawo akunampumelelo, akunasizathu. zinyawo zam ngithwale kwelami ikhaya kukhala ibhungane yimi oyofika nesikhiye sakhona ngifike ngivule maqede nginethezeke kwelami ikhaya. ngihlalile esid isikhathi kuwe xhokovana lam, ngiwa ngivuka ngakha elami khaya, pho-ke akulahlwa mbeleko ngakufelwa, namuhla ngikwelinye izinga, amehl ayagezeka ubuhle baleli khaya yibo obungijabulisayo. sizwe sakithi masiphileni sonke ngaleli khaya, phela liyisinkwa sokuphila kumuntu liyikho konke ongakucabanga. ngithatha leli khaya lam ngilipha igama, igama lalo yimpumelelo, impumelelo yam yiyo eyikhaya lam.
Subscribe to:
Posts (Atom)