Tuesday, August 4, 2009

Izinyembezi Zam Aziweli Phansi!

Ngiqinisile ngiqinisile,
Nguwe wedwa owaziyo.
Inking'imbangela nesizathu
Kwaziwa nguwe,
Nguw'ofihl'induk'emqubeni.
Ngambulele phela nami
Ze ngibone ngoba, kumnyama kuhlwile.

Mntanomuntu, ngaphenduk'isigqila,
Isigqila sothando, ukuphi kanti?
Owam'umcamelo, awusakwaz'ukoma,
Ungoma kanjan'ekubeni
Ukhongozel'izinyembez'ubusuku nemini?

Ukuphuma kwelanga kuyisitha kimi,
Angani nje ngizobona wena
Qed'inhliziyo yam'igay'izibozi,
Ihlal'igobhoz'igazi. Sengathi kungese!
Ubukhona bakho phambi kwawam'amehlo,
Buyisipho, buyisitha.

Mntanomuntu, ngigqilazeke
Kuhle kwembongolo,
Ngikhathele, ngidinga ukuphumula.
Ngabe luyofika nini olwam'usuku lokuphumula?
Engabe luyongifica nginjani?
Ngiqinisile ngiqinisile,
Nguwe wedwa owaziyo.

No comments:

Post a Comment