Bengifisa nami njengomuntu
Ke kube khona lelo langa engingasoze ngalikhohlwa
Ilang'eliyob ingqophamlando la kimi
Ilang engifis ukubona ngalo loy'owangizalayo
Owam ubaba, Owam ubab angimazi
Ngigcina ngokubon ezithombeni ngitshelwa
Kuthiwa NANG OWAM UBABA
Kepha iziqu zamehl azikaze zambona,
Owam ubaba
Owam ubab angikaze ngambona
Wangishiya ngisasesbelethweni sikamama
Waduka nezwe wath usayofun imsebenzi
Kepha lomsebenz akakawutholi kuze kube manje
Zonk izinsuku nxa sithandaza, siyambek emthandazweni
Nkos'iba naye athol umsebenzi
Ze abuyel ekhaya ngoba mina angimazi
Ukuhlala phansi ngixoxe naye, angikwazi
Ukuphathwa ngezakh izandla njengomntanakhe, angikwazi
Ukondliwa nguye, angikwazi
Angikaze ngalikhiph igama elithi NGYABONGA la kuye
Ngoba vel angimazi,
Owam ubab angimazi
Loluthando lokufukanyelwa ukhuliswe ngababil abazali
Ngokulekelelana, min angilwazi
Phansi kwesandla somzal oyedwa mina ngikhulile
Owam ubaba wadliwa zintaba
Owam ubab angimazi
Akafoni akabhali nakubhala,
Nomama wamgcina ngaleso sikhathi
Sekuphel ishumi leminyaka yen engaziwa
Owam ubab angimazi
Kubuhlungu kuyaqaqamb inhliziy igay izibozi
Kubuhlungu kuyaqaqamb inhliziy igay izibozi
Uma ngicabanga ngale ndod engubaba
Angani ngyazi nje ukuthi yen usaphila kulo mhlaba
Kodwa akazihluphi nakancane nje ngokwazi
Lo muntu amshiya kwesomkakh isibeletho
Owam ubab angimazi
Ngabe kuncon ukuba kuthiwa
Usasishiya kulo mhlaba, akasaphili kulo mhlaba
Ngineqiniso nenhliziyo ngabe seyadela, yalibala yaxolisa
Kepha kuyohlala kuyisilond esingapholiy ukuthi
Yen usadl anhlamvana mina ngingamazi
Owam ubab angimazi
Esakh isondlo, angisaskhaleli
Olwakh uthando, angisalukhaleli
Inqobo uma ngimbonile
Hleze konke kuyopheleliswa
Owam ubab angimazi.
Tuesday, August 17, 2010
Subscribe to:
Posts (Atom)