Tuesday, August 17, 2010

OWAMI UBABA ANGIMAZI

Bengifisa nami njengomuntu

Ke kube khona lelo langa engingasoze ngalikhohlwa

Ilang'eliyob ingqophamlando la kimi

Ilang engifis ukubona ngalo loy'owangizalayo

Owam ubaba, Owam ubab angimazi

Ngigcina ngokubon ezithombeni ngitshelwa

Kuthiwa NANG OWAM UBABA

Kepha iziqu zamehl azikaze zambona,

Owam ubaba



Owam ubab angikaze ngambona

Wangishiya ngisasesbelethweni sikamama

Waduka nezwe wath usayofun imsebenzi

Kepha lomsebenz akakawutholi kuze kube manje

Zonk izinsuku nxa sithandaza, siyambek emthandazweni

Nkos'iba naye athol umsebenzi

Ze abuyel ekhaya ngoba mina angimazi



Ukuhlala phansi ngixoxe naye, angikwazi

Ukuphathwa ngezakh izandla njengomntanakhe, angikwazi

Ukondliwa nguye, angikwazi

Angikaze ngalikhiph igama elithi NGYABONGA la kuye

Ngoba vel angimazi,

Owam ubab angimazi



Loluthando lokufukanyelwa ukhuliswe ngababil abazali

Ngokulekelelana, min angilwazi

Phansi kwesandla somzal oyedwa mina ngikhulile

Owam ubaba wadliwa zintaba

Owam ubab angimazi

Akafoni akabhali nakubhala,

Nomama wamgcina ngaleso sikhathi

Sekuphel ishumi leminyaka yen engaziwa

Owam ubab angimazi



Kubuhlungu kuyaqaqamb inhliziy igay izibozi

Kubuhlungu kuyaqaqamb inhliziy igay izibozi

Uma ngicabanga ngale ndod engubaba

Angani ngyazi nje ukuthi yen usaphila kulo mhlaba

Kodwa akazihluphi nakancane nje ngokwazi

Lo muntu amshiya kwesomkakh isibeletho

Owam ubab angimazi



Ngabe kuncon ukuba kuthiwa

Usasishiya kulo mhlaba, akasaphili kulo mhlaba

Ngineqiniso nenhliziyo ngabe seyadela, yalibala yaxolisa

Kepha kuyohlala kuyisilond esingapholiy ukuthi

Yen usadl anhlamvana mina ngingamazi

Owam ubab angimazi



Esakh isondlo, angisaskhaleli

Olwakh uthando, angisalukhaleli

Inqobo uma ngimbonile

Hleze konke kuyopheleliswa

Owam ubab angimazi.